10 Izinsuku zeminyaka yethu zineminyaka engamashumi ayisikhombisa;kuthi uma ziziningi, zineminyaka engamashumi ayisishiyagalombili;nokho ukuvama kwazo kungukuhlupheka nelize,ngokuba zidlula masinyane,thina siyandiza, simuke.
11 Ngubani owaziyo amandla entukuthelo yakhonolaka lwakho olunjengakho ukwesabeka kwakho na?
12 Sifundise, Nkosi, ukubala izinsuku zethu,sizuze inhliziyo enokuhlakanipha.
13 Buya, Jehova! Koze kube nini na?Hawukela izinceku zakho.
14 Sisuthise ngomusa wakho,kuse sekuseni,ukuze sithokoze, sijabule izinsuku zethu zonke.
15 Sithokozise ngangezinsuku owasihlupha ngazo,nangangeminyaka esabona okubi ngayo.
16 Izenzo zakho mazibonakale kuzo izinceku zakho,nenkazimulo yakho kubantwana bazo.