14 Sisuthise ngomusa wakho,kuse sekuseni,ukuze sithokoze, sijabule izinsuku zethu zonke.
15 Sithokozise ngangezinsuku owasihlupha ngazo,nangangeminyaka esabona okubi ngayo.
16 Izenzo zakho mazibonakale kuzo izinceku zakho,nenkazimulo yakho kubantwana bazo.
17 Yebo, ubuhle beNkosi uNkulunkulu wethu abube phezu kwethu,umise umsebenzi wezandla zethu phezu kwethu;yebo, umsebenzi wezandla zethu uwumise.