8 Uyakubuka nje ngamehlo akho,ubone ukuphindiselwa kwababi,
9 ngokuba uthi:Jehova, uyisiphephelo sami;oPhezukonke umenzile abe yinqaba yakho.
10 Awuyikwehlelwa ngokubi,nesifo asiyikusondela etendeni lakho.
11 Ngokuba uyakuyaleza izingelosi zakhe ngawe,zikulondoloze ezindleleni zakho zonke.
12 Ziyakukuthwala ngezandla,ungaqhuzuki ngonyawo lwakho etsheni.
13 Uyakunyathela ingonyama nebululu,unyathele phansi ibhongo lengonyama nodrako.*
14 Ngenxa yokuba enamathele kimi, ngakho ngiyamkhulula;ngiyamphakamisa ngokuba elazi igama lami.