2 ukushumayela umusa wakho ekuseni nokuthembeka kwakho ebusuku,
3 ngokubetha ugubhu olunezintambo eziyishumi,nomqangala, kanye nehabhu* elizwakala kamnandi.
4 Ngokuba ungithokozisile, Jehova, ngezenzo zakho;ngiyakumemeza ngokujabula.
5 Yeka ubukhulu bezenzo zakho, Jehova.Imicabango yakho ijulile kakhulu.
6 Umuntu oyisilima angekucabange,nesiwula asikuboni.
7 Noma ababi behluma njengotshani,nezigangi noma ziqhakaza zonke,kuyenzeka ukuba babhujiswe kuze kube phakade.
8 Kepha wena Jehova uphakeme kuze kube phakade.