7 Noma ababi behluma njengotshani,nezigangi noma ziqhakaza zonke,kuyenzeka ukuba babhujiswe kuze kube phakade.
8 Kepha wena Jehova uphakeme kuze kube phakade.
9 Ngokuba bheka, izitha zakho, Jehova,bheka, izitha zakho, ziyakubhubha;bonke abenza okubi bayakuhlakazwa.
10 Kepha uphondo lwami uyaluphakamisa njengolwenyathi,ngigcotshwa ngamafutha amasha.
11 Iso lami liyakubona ngokujabula izitha zami,nezindlebe zami ziyakuzwa ngokuthokoza ngababi abangivukelayo.
12 Olungileyo uyahluma njengesundu,uyakhula njengomsedari* eLebanoni.
13 Batshaliwe endlini kaJehova,bamila emagcekeni kaNkulunkulu wethu.