11 UJehova uyayazi imicabango yabantu ukuba ingumoya nje.
12 Jehova, ubusisiwe lowo muntu omyalayo,omfundisayo ngomthetho wakho,
13 wenzela ukuba umphumuze ezinsukwini ezimbi,aze ambelwe umgodi lowo ongenamthetho.
14 Ngokuba uJehova akayikulahla abantu bakhe,nefa lakhe akayikulishiya.
15 Ngokuba ukulunga kuyakubuyela ekwahluleleni,bonke abaqotho ngenhliziyo bakulandele.
16 Ngubani oyakungimela phambi kwababi na?Ngubani oyakungelekelela kwabenza okubi na?
17 Uma uJehova ebengesilo usizo lwami,umphefumulo wami ubuyakushesha ukuhlala ekuthuleni kokufa.