6 Bayabhubhisa umfelokazi nomfokazi,nezintandane bayazibulala.
7 Bathi: “UJehova akaboni,uNkulunkulu kaJakobe akanaki.”
8 Qaphelani nina zithutha phakathi kwabantu;nani ziwula, niyakuqonda nini na?
9 Owenza indlebe kanakuzwa na?Owadala iso kanakubona na?
10 Othethisa abezizwe,yena ofundisa abantu ukwazi, kanakujezisa na?
11 UJehova uyayazi imicabango yabantu ukuba ingumoya nje.
12 Jehova, ubusisiwe lowo muntu omyalayo,omfundisayo ngomthetho wakho,