4 Esandleni sakhe kukhona ukujula komhlaba;iziqongo zezintaba ngezakhe nazo.
5 Ulwandle ngolwakhe, walwenza;nomhlabathi owomileyo izandla zakhe zawubumba.
6 Wozani; masikhuleke, sikhothame,siguqe phambi kukaJehova,uMenzi wethu.
7 Ngokuba yena unguNkulunkulu wethu,thina singabantu bedlelo lakhe nezimvu zesandla sakhe.Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe,
8 ningayenzi lukhuni inhliziyo yenu njengaseMeriba,njengasosukwini lwaseMasa ehlane,
9 lapho oyihlo bangilinga khona, bangivivinya,babona umsebenzi wami.
10 Iminyaka engamashumi amane nganengwa yileso sizukulwane,ngaze ngathi: “Bangabantu abanhliziyo zabo zidukile,abazazanga izindlela zami,”