2 Hlabelelani kuJehova, nibonge igama lakhe,nimemeze insindiso yakhe imihla ngemihla.
3 Landani inkazimulo yakhe phakathi kwabezizwe,izimangaliso zakhe phakathi kwabantu bonke.
4 Ngokuba mkhulu uJehova, udumisekile kakhulu;uyesabeka phezu kwabo bonke onkulunkulu.
5 Ngokuba bonke onkulunkulu babezizwe bayizithombe,kepha uJehova walenza izulu.
6 Udumo nobukhosi kusebusweni bakhe;amandla nenkazimulo kusendlini yakhe engcwele.
7 Mnikeni uJehova nina mindeni yabantu,mnikeni uJehova inkazimulo namandla.
8 Mnikeni uJehova inkazimulo yegama lakhe,nilethe umnikelo,ningene emagcekeni akhe.