4 Ngokuba mkhulu uJehova, udumisekile kakhulu;uyesabeka phezu kwabo bonke onkulunkulu.
5 Ngokuba bonke onkulunkulu babezizwe bayizithombe,kepha uJehova walenza izulu.
6 Udumo nobukhosi kusebusweni bakhe;amandla nenkazimulo kusendlini yakhe engcwele.
7 Mnikeni uJehova nina mindeni yabantu,mnikeni uJehova inkazimulo namandla.
8 Mnikeni uJehova inkazimulo yegama lakhe,nilethe umnikelo,ningene emagcekeni akhe.
9 Khulekani kuJehova,nihlobe ubungcwele;thuthumela ebusweni bakhe,mhlaba wonke.
10 Thanini phakathi kwabezizwe: “UJehova uyinkosi,”izwe lihlala liqinile, lingenakushukunyiswa;uthetha amacala ezizwe ngobuqotho.