1 UJehova uyinkosi;umhlaba mawethabe,zijabule iziqhingi eziningi.
2 Amafu nobumnyama kuyamphahla;ukulunga nokwahlulela kuyisisekelo sesihlalo sakhe sobukhosi.
3 Umlilo uyahamba phambi kwakhe,udla izitha zakhe nxazonke.
4 Imibani yakhe ikhanyisa izwe;umhlaba uyakubona, uthuthumele.
5 Izintaba zincibilika njengengcina phambi kukaJehova,phambi kweNkosi yomhlaba wonke.
6 Amazulu ashumayela ukulunga kwakhe;izizwe zonke zibona inkazimulo yakhe.