5 Izintaba zincibilika njengengcina phambi kukaJehova,phambi kweNkosi yomhlaba wonke.
6 Amazulu ashumayela ukulunga kwakhe;izizwe zonke zibona inkazimulo yakhe.
7 Mabajabhe bonke abakhonza izithombe ezibaziweyo,abazigabisa ngezithombe.Mkhonzeni nina nonke bonkulunkulu.
8 ISiyoni liyezwa, liyajabula;ngenxa yezahlulelo zakho, Jehova.
9 Ngokuba wena Jehova uphezu komhlaba wonke,uphakeme kakhulu phezu kwawonkulunkulu bonke.
10 Nina enithanda uJehova zondani okubi;uyagcina imiphefumulo yabamkhonzayo;uyabasindisa ezandleni zababi.
11 Ukukhanya kuhlwanyelelwe olungileyo,ukujabula kuhlwanyelelwe abanhliziyo ziqotho.